Ziningi kakhulu izinto ezinhle ezingashiwo
nge-Firefox Marketplace.
Yiwona mthombo ongaya kuwo ukuze uthole
ama-app aphambili e-Firefox OS.
Abathengi bakho bazothola
ama-app athandwayo omhlaba
baphinde bathole nolwazi olwenziwe
ngabathuthukisi ezindaweni zabo
Sisekuma-app akuleli,
Firefox Marketplace iphethwe
amalungu omphakathi
endaweni yangakini
Lokhu kusho ukuthi njengabasebenzisi be-Firefox OS,
abathengi bakho bahlomula
ekubeni nabaphathi abahlonza ama-app angaba usizo kuwena lapho uhlala khona.
Bangaphenya amaqoqo ama-app
noma bacinge amaqembu amaningi,
kusukela emidlalweni kuya kuzisetshenziswa, umculo,
ezokuvakasha, ezemidlalo kanye nokunye okuningi.
Ukudawuniloda i-app
abakudingayo nje ukuthinta umfuziselo,
bese bethinta inkinobho eluhlaza
bese iyaqala ukuloda efonini.