Lokhu akukhona ukumasha. Igama lami nguGreta Thunberg Siphila ekuqaleni kokuqothulwa okukhulu. Isimo sethu sezulu siyawohloka. Izingane ezinjengami zidela imfundo ukuze zibhikishe. Kodwa sisengakulungisa lokhu. Usengakulungisa lokhu. Ukuze sisinde, sidinga ukuyeka ukushisa izinto ezimbiwayo, kodwa lokhu kukodwa akwanele. Kukhulunywa ngamakhambi amaningi, kodwa kuthiwani ngekhambi eliphambi kwethu ngqo? Ngizodedela umngane wami uGeorge achaze. Kunomshini ongumlingo omunca ikhabhoni emoyeni, ubiza kancane futhi uyazakha. Ubizwa... isihlahla. Isihlahla yisibonelo sekhambi lemvelo lesimo sezulu. Imihlume, amaxhaphozi, amahlathi, ukujula kolwandle, amahlathi e-kelp, izixhobo zamakhorali, zithatha ikhabhoni emoyeni futhi ziyivalele. Imvelo iyithuluzi esingalisebenisa ukulungisa isimo sethu sezulu esonakele. Lamakhambi emvelo esimo sezulu angenza umehluko omkhulu. Kuyancomeka, ne? Kodwa kuphela uma nathi singaziyeka izinto ezimbiwayo emhlabathini. Nakhu okubi ... okwamanje siyakuziba. Sichitha okuphindwe ngaphezu kwesigidi emixhasweni yezinto ezimbiwayo kunamakhambi emvelo. Amakhambi emvelo esimo sezulu athola u-2% nje wayo yonke imali esetshenziselwa ukubhekana nokuwohloka kwesimo sezulu. Lena yimali yakho, yintela yakho nokonga kwakho. Okubi nakakhulu, khona manje ngesikhathi esidinga imvelo nakakhulu ngaso siyicekela phansi ngokushesha kunanini. Usuku ngalunye kushabalala izinhlobo zezilwane ezingaba ngu-200. Ingxenye enkulu yeqhwa lase-Arctic ayisekho. Iningi lezilwane zethu zasendle alisekho. Inngxenye enkulu yenhlabathi yethu ayisekho. Ngakho ke yini okumele siyenze ? Yini okumele uyenze? Kulula ... kudingeka sivikele, sibuyisele futhi sihlinzeke ngemali. Vikela. Amahlathi emvula agawulwa ngezinga lezinkundla zebhola lezinyawo ezingu-30 ngomzuzu. Lapho imvelo yenza okuthile okubalulekile, kufanele siyivikele. Buyisela Ingxenye enkulu yomhlaba wethu yonakele. Kodwa imvelo ingazivuselela futhi singasiza umphakathi wemvelo ubuyele esimweni. Hlinzeka ngemali. Kudingeka siyeke ukuhlinzeka ngemali izinto ezibulala imvelo futhi sikhokhele izinto eziyisizayo. Kulula kanjalo. Vikela, Buyisela, hlinzeka ngemali. Lokhu kungenzeka kuyo yonke indawo. Abantu abaningi sebeqalile ukusebenzisa amakhambi emvelo esimo sezulu. Kudingeka sikwenze ngezinga eliphezulu. Ungaba yingxenye yalokhu. Votela abantu abavikela imvelo. Thumela levidiyo kwabanye. Khuluma ngalokhu. Emhlabeni wonke jikelele kunezinhlangano ezmangalisayo ezilwela imvelo. Hlanganyela nazo! Konke kubalulekile. Okwenzayo kubalilekile.